Sisobishini isikole ngefomu ebophezela abafundi ukuba bangamithi besafunda

2017-03-23 07:01

Johannesburg - Sisobishini isikole esiseMpumalanga ngemuva kokuphuma kombiko ngefomu elibophezela abafundi ekutheni bangakhulelwa besafunda isikole.

Abafundi abangamantombazane abaneminyaka ephakathi kwengu-14 nengu-18 ubudala eDM Motsaosele Secondary Kwa-Guqa eduzane naseMalahleni kubikwa ukuthi basayina leli fomu ngoFehuwari bevuma ukuthi uma bekhulelwa besafunda bazoxoshwa esikoleni.

Ezinye izikole endaweni ziba nabafundi abalinganiselwe kwabahlanu abakhulelwayo ezikoleni njalo ngonyaka.

OLUNYE UDABA: Abafundi basayiniswa ifomu yokungakhulelwa besafunda

Lolu daba lwe fomu seluvuse ukuphikisa.

UMnyango weMfundo eyisiSekelo ulugxekile udaba lwale fomu oluqhubeka esikoleni saseMpumalanga.

Ucwaningo loMnyango wezeMfundo luthole ukuthi ekuqaleni konyaka ka-2016 kwakunabafundi abangu-1 361 abakhulelwa ezikoleni zaseMpumalanga uma kuqhathaniswa nonyaka wanggo-2015 lapho babengu-1 361 abafundi abatholwa bkhulelwe.

UJabu Mabuza oyiChief Education Specialist for School Governance uthe leli fomu luwumqondo omuhle kodwa bamelene nokumiswa kwabafundi abakhulelwayo ezikoleni.

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-16°C Mostly sunny. Cool. Pta: 6-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-10°C Sunny. Cool. Bloem: 2-12°C More clouds than sun. Cool.
Dbn: 13-16°C Passing showers. Morning clouds. Cool. PE: 11-16°C Heavy rain. Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...