Sisinde ngokulambisa isihlabani seGospel

2016-01-04 07:59

Johannesburg - Isihlabani somculi weGospel uDeborah Fraser usinde engozini embi eyenzeke eKibler Park ngoLwesibili olwedlule.

UDeborah ubehamba ngemoto elibhekise eWalkerville ngesikhathi eshayisa inkomo emgwaqeni.

Umthombo weSunday Sun uthi uDeborah ubehamba nezingane zakhe ezintathu ngesikhathi ehlelwa yingozi.

“Ushayise inkomo, kanti imoto ilimale yaphela, nezingane nazo zithole ukulimala,” kusho umthombo.

Funda nalolu daba: Kushone 6 eMkhomazi

Umthombo uthe imoto ilimale ngendlela yokuthi kuthiwa ngeke isalungisekela, kanti inkomo yona yafa.

UDeborah walile ukuphawula ngesehlakalo.

“Angifuni ukukhuluma ngalento ngoba abezindaba banomkhuba wokubhala kabi ngami,” usho kanje.

UDeborah usho kanje ngemuva kwemibiko eyavela yokuthi wafuna imbuzi emndenini wentombazane eyashona iqashe endlini yakhe.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-20°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 10-24°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...