Sishonile isigebengu esigandaywe yizimoto ngemuva kokuzama ukuduna imoto

2017-07-28 12:31

Brackenhurst - Isigebengu besizama ukuvimba umshayeli sifuna ukuduna imoto yakhe ngesikhathi sehlelwa yingozi.

Izigebengu ebezihamba ngemoto yohlobo lweChevy Craze zivimbe imoto yowesilisa ngoLwesithathu emgwaqeni uLil Bester, eBrackenhurst.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi i-Alberton Record  lo mshayeli uthe ebona ukuthi la madoda ahlomile aqonde kuyena, wazama ukubaleka nokuyilapho eshayise khona isigebengu esisodwa.

Ngokusho kukaTyrone van der Merwe, okhulumela inkampani yonogada iCPS lo mshayeli wemoto ubone izigebengu ezintathu ziza ngakuyena zivimbe imoto yakhe. “Uhlehlele emuva ezama ukubaleka washayisa isigebengu esisodwa.

"Lezi zigebengu ezimbili zibe sezizama ukubaleka zabuyela emotweni yazo," kusho uVan der Merwe.

OLUNYE UDABA:VIDEO: Owesifazane edida isigebengu egaraji

Esinye isigebengu siwise isibhamu nesikhwama semali sibaleka.

"Le moto iyona evela kakhulu embikweni wezigameko zokubugebengu ezenzeka eBrackenhurst naseBrackendowns," kuqhubeka yena.

Amaphoyisa ayaphenya ngalesi sigameko kanti acela umphakathi uxhumane namaphoyisa aseBrackendowns ku-011-617-5600 ngolwazi olungaba wusizo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Mostly sunny. Mild. Pta: 18-29°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 15-23°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 12-28°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Scattered showers. Breaks of sun late. Cool. PE: 12-20°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...