Siqashiwe isimo kulandela ukuhlaselwa kwezitolo zakwa-H&M eGoli

2018-01-14 10:00

Johannebsurg - Amalungu e-Economic Freedom Fighters (EFF) ebebhikisha athi ukuxolisa kwabesitolo sezimpahla zokugqoka i-H&M nokususa isikhangiso ezinkundleni zaso zakwi-internet akwanele.

Ababhikishi bathi bazimisele ngokusishisa isitolo sakwa-H&M esiseSandton ukuthumela umyalezo othi ukucwasa ngobuzwe akuvumelekile.

Izitolo zakwa-H&M bezivalwe zonke izolo (ngoMgqibelo) ngemuva kokuba amalungu e-EFF abebhikisha eSandton City, e-East Rand naseMenlyn Mall acekele phansi impahla kulezi zitolo.

OLUNYE UDABA:BUKA: Ababhikishi bahlasele izitolo zakwa-H&M

Lokhu kuza ngemuva kokubonakala kwesikhangiso sase-UK esitshengisa ingane yomuntu omnyama igqoke isikibha esinombhalo ofundeka kanje "Coolest Monkey in the Jungle.

Izitolo eziseGauteng ziphoqekele ukuba zivalwe izolo ngesikhathi kutheleka amalungu e-EFF kuzo.

ESandton City amalungu acekele phansi impahla esitolo.

Oweqembu uMoses Mphahlele uthe ukuxolisa kwabesitolo akwanele.

"Sifike la sithi sizosishisa isitolo kodwa bathe umyalezo ufike wahlala ezindlebeni zabo, kodwa uma lokhu kuphinde kwenzeka kuzosha."

E-East Rand Mall, ababhikishi bahlakazwe ngamaphoyisa ngezinhlamvu zenjoloba.

Khonamanjalo amaphoyisa aseGauteng asiqaphile isimo kuzo zonke izindawo ngemuva kokuba abe-EFF betheleke ezitolo zakwa-H&M esifundazweni ngoMgqibelo ekuseni.

Okhulumela amaphoyisa aseGauteng uColonel Lungelo Dlamini uthe amaphoyisa asebenzise izinhlamvu zenjoloba ukuhlakaza ababhikishi.

UDlamini uthe akukaboshwa muntu okwamanje.

- TWITTER:

 - EWN

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Partly cloudy. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-28°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Mostly cloudy. Warm.
Dbn: 21-27°C Mostly cloudy. Warm. PE: 20-26°C Showers late. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...