Siphinde saboshwa isiboshwa eseqe enkantolo e-KZN

2018-04-16 18:00

Johannesburg - Kweqe isiboshwa eNkantolo yeMantshi yaseZakheni KwaZulu-Natal namuhla ekuseni ngemuva kokuba sikwazile ukuphunyuka ezandleni zamaphoyisa asenkantolo.

Lesi siboshwa siphinde saboshwa khona ekuseni ngemuva kokuthungathwa endaweni.

OLUNYE UDABA:Kweqe iziboshwa ebezisanda kugwetshwa udilikajele ngawokubulala

Kukholakala ukuthi lesi siboshwa besilahlwe yicala ebelibhekene nalo ngesikhathi sigcina ukuvela enkantolo kanti namuhla bekuyokwengezwa elinye icala.

Njengamanje lesi siboshwa sesiqashwe ngeso lokhozi.

Lesi sigameko senzeka nje, ngesonto eledlule kudutshulwe iziboshwa ezimbili KwaZulu-Natal ebeziyingxenye yeziboshwa ezingu-16 ezeqa ejele eliseGoli.

Kubikwa ukuthi ezingu-14 zisagcwele amathafa.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...