Singahle sidlelwe umuzi isikhulu sikahulumeni esingayikhokhi eyesondlo

2017-11-15 14:04

eGoli - Amajaji asigxekile isikhulu sikahulumeni ngokungahambisani nemiyalelo yenkantolo yokukhokha imali yesondlo sengane yayo.

Lesi sikhulu sasiyisekela lenxusa futhi siyisikhulu esiphezulu eMnyangweni wezokuXhumana kwaMazwe kanye nokuSebenza ngokubambisana, kanti singahle silahlekelwe wumunzi ozodayiswa ukuze kukhokhwe isondlo sengane yaso.

Lesi sikhulu sasiyalelwe ukuba sikhokhe imali engango-R150 000, bese sikhokha imali engango-R3 900 nyanga zonke.

INkantolo yoMthethosisekelo ithole ukuthi lesi sikhulu sagcina ngokukhipha u-R150 000 asiphindanga saqhubeka no-R3 900 wanyanga zonke.

OLUNYE UDABA: Kusolwa imali yesondlo ngoqhekeko emndenini

Ngesikhathi kuvela enkantolo ukuthi lo mlisa akakhokhi, iPhini lalowo oyiNhloko yamaJaji uRaymond Zondo kanye nozakwabo abangamajaji uJohan Froneman no-Edwin Cameron, bakhiphe isexwayiso sokuthi kuyamphoqa ukuba alandele imiyalelo yenkantolo.

Lesi sikhulu sazama ukubeka izizathu zokungondli ngokuthi le ngane akuyona eyaso kanti lo owayengumkaso wayephinga nezinye izikhulu zikahulumeni ayesebenza nazo, kodwa inkantolo yangakunaka lokho.

Ubuye wababela eNkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng eyozama ukuphikisa isinqumo sokuba kudayiswe umuzi wakhe wenani lika-R2.5-million ukuze kukhokheleke isikweletu sakhe seminyaka emihlanu esingu-R306 550.

Isinqumo senkantolo yoMthethosisekelo sigodliwe, kubika iSowetanLive.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...