Sikhale ngeholo 'elincane' iSilo - Umbiko

2017-09-26 11:00

Durban – INkosi yesizwe samaZulu uGoodwill Zwelithini ikhale ngokungatholi iholo elifanele inkosi, abantu bayo abakhokha intela enkulu ezweni.

Enkulumeni yeSilo ebisabalele, siphinde sagxeka i-ANC ngopkubulala okudalwa yizinxushunxushu ezingaphakathi kuyona.

Kubikwa ukuthi uthe uhulumeni wesifundazwe awumkhokheli imali emfanele yena njengeNkosi yamaZulu, okuyisizwe esifaka imali eningi ezweni.

“Angazi nokuthi yini okumele ngiyenze ngalesi simo, kodwa ngidinga ukucabangisisa kahle,” usho kanje ngesikhathi kubungazwa umcimbi weNkosi uShaka, KwaDukuza ngeSonto.

Kulo nyakamali, iRoyal Household Department yabelwe u-R58 million, kanti iSilo kubikwa ukuthi sihola imali engaphezu kuka-R1.1m ngonyaka.

OLUNYE UDABA: Inkampani yamabhasi isathukile ngokubulawa komshayeli

UMnyango kungumsebenzi wawo ukunakekela iSilo nendlu yaso, kanye nokulungiswa kwezigodlo, yizimoto nokubhekelela izindleko zokuhamba nokuthega ukudla.

ISilo sithe amaZulu afanelwe okukhulu ngoba maningi futhi anesandla esikhulu ekukhuleni komnotho.

“Nina maZulu, nafaka isandla ekwakhiweni kweGoli, iKapa kanye neTheku. Yinina enanisebenza ezimayini,” kusho uBhejane uphuma esiqiwini.

ISilo sisole uhulumeni ngokubeka amakhosi ngaphandle kokuxhumana naso.

- The Mercury

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-28°C Afternoon clouds. Warm. Bloem: 17-29°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 21-30°C Sunny. Warm. PE: 18-27°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...