Sihlonziwe isidumbu sendoda edwengulwe amabhubesi ngempelasonto

2018-02-14 18:01

Polokwane -  Amaphoyisa aseLimpopo asemhlonzile owesilisa odwengulwe ngamabhubesi esiqiwini esingaseHoedspruit ngempelasonto.

Okhulumela amaphoyisa esifundazwe uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe uthe uDavid Baloyi, 50, uhlonzwe ngumlamu wakhe ngemuva kokushona ngesihluku.

"Lesi sigameko senzeke ngoLwesihlanu ebusuku lapho okusolakala khona ukuthi la bazingeli abathathu abangekho emthethweni bahlaselwe amabhubesi; umufi yena ubulawe yilezi zilwane zase ziyamudla," kusho uNgoepe.

Uthe la madoda amanye amabili akwazile ukubaleka abuyela eMozambique.

OLUNYE UDABA: Amabhubesi adwengule abulala owesilisa

"Abe esebikela umndeni kamufi ngalesi sigameko," esho.

Uthe uBaloyi uhlonzwe ngumlamu wakhe emakhazeni aseMaphutha Malatji Hospital, eNamakgale, ngaphandle kwasePhalaborwa ngoLwesibili.

"Umlamu wakhe uthi uthole ucingo kumalungu omndeni wakhe aseMozambique amtshele ngomyalezo awuthole kulaba abanye abasolwa ababili ngokuthi umufi ubulawe amabhubesi eNingizimu Afrika," kuqhuba uNgoepe.

"Amaphoyisa namanje asaphenya mayelana nokuthi kungenzeka yini ukuthi umufi ubezingela ngokungemthetho kulandela ukutholakala kwesibhamu nezinhlamvu bude buduze nendawo yesigameko."


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 5-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-21°C Scattered tstorms late. Morning clouds. Cool. PE: 11-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...