Sigwetshwe iminyaka engu-18 isangoma saseMkhambathini

2017-09-07 16:01

EMkhambathini - Isangoma esineminyaka engu-32 ubudala sigwetshwe iminyaka engu-18 sibhadla ejele ngemuva kokulahlwa yicala lokudlwengula.

Lesi sangoma sigwetshwe yiNkantolo kaMantshi eMkhambathini ngecala lokudlwengula ingane eneminyaka engu-9 ubudala nokuyicala elenzeka ngomhlaka-21 Septhemba 2014.

"Ngalolu suku le ngane kanye nenye yakubo, 12, zafika emzini walesi sangoma ziyohlola," kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele.

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa isangoma esisolwa ngokudlwengula isiguli

Umsolwa watshela abazali balezi zingane ukuthi uzozinika umuthi wokulwa nemimoya emibi.

Ngesikhathi zifika endlini yakhe, wathuma le yomfana ukuba iyomthengela ubhiya ethaveni, wabizela le encane endlini nokuyilapho afike wayidlwengulela khona.

Le ngane yafika ekhaya yabikela umama wayo ngokwenzekile, nokuyilapho okwavulwa khona icala emaphoyiseni aseMsunduzi.

Umsolwa zabe seziyamkhalela, wabekwa icala lokudlwengula.

Wanqatshelwa ibheyili, wahamba icala kwaze kwaba liyamlahla wabe esehliselwa isigwebo.

 

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...