Sigwetshiwe isisebenzi sasendlini esilahlwe elokubulala umqashi

2016-12-16 09:05

Johannesburg – Isisebenzi sasendlini kanye namadoda amathathu balahlwe icala lokubulala uThoriha Mitha ekhaya lakhe eMidrand.

UMitha wabulawa ngonyaka ka-2014 emzini wakhe futhi kwaboshwa uDeliwe Zwakala owayeyisisebenzi sakwakhe.

IBamba likaMahluleli weNkantolo eNkulu ePalm Ridge uCarla van Veenendaal ugwebe uZwakala iminyaka engu-23 ngelokubulala kanye nengu-13 ngelokugebenga ngenhloso yokulimaza.

OLUNYE UDABA:Uboshiwe owesilisa obhokode isisebenzi sasendlini ngommese

Owayeyisoka likaZwakala uGoodrich Mashego kanye nababili ababoshwa nabo uKenneth Ntshangase no-Alfred Matlala, bobathathu bagwetshwe udilikajele ngelokubulala, kanye neminyaka engu-15 umuntu ngamunye ngokugebenga ngenhloso yokulimaza.

Itulo lokugebenga nokubulala uMitha lavezwa uZwakala ngesikhathi evuma icala kubaseshi.

Umndeni wakaMitha ubonge amaphoyisa ngomsebenzi omuhle wokuqinisekisa ukuboshwa kanye nokugwetshwa kwalezi zigilamkhuba.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-15°C Mostly sunny. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 2-17°C Sunny. Mild. Bloem: -1-14°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 11-17°C Afternoon clouds. Cool. PE: 9-17°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...