Sigwetshiwe isangomna esaqoba ikhanda lowesifazane

2017-10-05 11:00

Durban – Isangoma saKwaZulu-Natal esatshela abafana abane asebekhulile ukuthi basitholele ikhanda lowesifazane webala elimhlophe, ele-coloured noma elendiya sigwetshwe udilikajele.

USibonakaliso Mbili, 34, ugwetshwe yijaji uThoba Poyo-Dlwati eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngoLwesithathu ntambama ngokubulala nokushumpula ikhanda lomqwayizi uDesiree Murugan, 39.

"UMbili wathembisa la bafana ukuthi uzobanikeza umuthi ozobenza bangabonakali emaphoyiseni."

OLUNYE UDABA:Bazovela ngelokunqunywa komqwayizi ikhanda

INkantolo ilalele ukuthi uMbili waqoba ikhanda likaMurugan walenza izicucu, lezo zicucu wazifaka emathinini ahlukene ngaphambi kokuwagqiba egcekeni.

UMurugan, ongowesifazane waseChatsworth, eThekwini, wagwazwa amanxeba angu-197 wabe eseshumpulwa ikhanda ngomhlaka-1 Agasti 2014.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-29°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C More sun than clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...