Sifune inhlawulo isangoma 'ebesishayela sibundlonyile'

2017-07-19 07:01

Durban - Isangoma esiboshwe kwisivimba-mgwaqo ku-M41 eMhlanga, eThekwini, sithe sifuna inhlawulo ngaphambi kokuba singene esitokisini.

Ngokubika kwephephandaba lomphakathi i-Northglen News lesi sangoma esibanjwe ngempelasonto sibundlonyile sithe sifuna  ukuhlawulwa ngenkomo.

UCaptain Raymond Deokaran okhulumela amaphoyisa aseDurban North uthe kuboshwe abantu abangu-16 okubalwa kubo nesangoma ngesikhathi kunesivimbamgwaqo.

UDeokaran uthe besibukisa lesi sangoma singafuni ukungena esitokisini ngesikhathi befika esiteshini.

OLUNYE UDABA:Ufuna inhlawulo umndeni kuphambana izidumbu

“Lesi sangoma sithe sifuna ukuhlawulwa ngenkomo ngaphambi kokuba singene esitokisini. Sikunqabile lokhu sasifaka ngaphakathi nabanye abebeshayela bephuzile,” kusho yena.

Ubuye waxwayisa nabanye abashayeli ukuba nabo bazovalelwa uma betholakala kulesi simo ngoba asikho isizathu sokuthi abantu bashayele bephuzile.

Ngalobo busuku, la maphoyisa abuye abamba omunye umlisa owatshele amaphoyisa ukuthi uyisosha elisebenzela eDemocratic Republic of Congo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...