Sidla lubi isifo sohudo eKapa – Umbiko

2016-11-20 17:35

Cape Town – UMkhandlu waseKapa uthi yize sehlile isibalo sezingane ezishona ngenxa yokuphathwa yisifo sohudo, kepha ziseziningi izigameko zalesi sifo ezibikwayo.

Lo mkhandlu uthi konke sekumi ngomumo ukubhekana nesibalo esiphezulu sabantu abanalesi sifo esidlanga kakhulu phakathi kukaNovemba noMeyi.

OLUNYE UDABA: Kuqubuka isifo sohudo eKapa

Zingu-7 000 izigameko zaso ezibikwayo nyanga zonke.

Yize lesi sifo sinezimpawu zokuthi sisheshe sibonakale futhi selapheke, sisengezinye zezifo ezihamba phambili ezibulala izingane ezingaphansi kweminyaka emihlanu ubudala.

Okhulumela umkhandlu uSiyabulela Mamkeli uthi sehle ngo-70% isilinganiso sezingane ezibulawa yilesi sifo kule minyaka emihlanu eyedlule.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-16°C More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 13-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-29°C Afternoon clouds. Warm. PE: 14-18°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...