Sidedelwe ngebheyili isihlabani seKwaito ngelokushaya - Umbiko

2017-10-24 16:02

Johannesburg - Inkakha yomculo weKwaito uMdu Masilela ungaphandle ngebheyili yemali engu-R500 ngemuva kokuboshelwa izinsolo zokushaya umama wengane yakhe enezinyanga ezingu-8 izelwe, uSibahle Dlamini.

Ngokusho kweSowetan, uMasilela wazama ukuxosha uDlamini emzini wakhe oseBramley ayesethuthele kuwo kulandela ukubeletha ingane yabo.

UDlamini noMaislela bebethandana kodwa manje sekuphelile ngothando lwabo, kuqhuba leli phephandaba.

UMasilela ulandisa ngokwenzeka ngesikhathi kuqhubeka lesi sehlakalo, wathi uyazisola ngokuwela ogibeni olulodwa kabili.

OLUNYE UDABA:UMdu Masilela ezinsolweni zokuzama ukubulala

"Bekungesiyo inhloso yami ukulimaza uDlamini. Inkosikazi yami yatshelwa ukuthi ngiyaphi nokuthi ngiyokwenzani lapho. Ingxoxo yethu nokushayelwa ucingo kukankosikazi wami nokuthola kwami ukuthi uyazi ngokubonana kwethu yikho okwaholela ekutheni abhodle umlilo.

"Ngesikhathi sengxabano nami ngazivikela, kungezeka ukuthi walimala lapho," kusho uMasilela.

Lo mculi uqhube ngokuthi wajikijelwa ngengilazi yewayini nezinye izinto, kodwa kwakungesiyo inhloso yakhe ukuziphindiselela.

Unkosikazi kaMasilela, uSarah, uthe uzogcina izifungo zakhe zomshado eseke uMasilela.


 - The Citizen

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C High level clouds. Cool. Pta: 14-27°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 13-23°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-20°C Scattered clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...