Sichithiwe isicelo sowayeyinhloko yoKlebe

2017-09-19 15:59

Johannesburg – Ayiphumelelanga imizamo yokugcina kalowo owayeyinhloko yoKlebe uBerning Ntlemeza yokuba kuguqulwe isinqumo sokuxoshwa kwakhe.

INkantolo eNkulu yokudluliswa kwamacala isichithile isicelo sokumvumela ukuba aphikise isinqumo senkantolo eyathi waqokwa kungafanele.

UMnyango wamaPhoyisa uthi inkontileka yomsebenzi wakhe isihoxisiwe, isifana nengakaze ibekhona.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe abatholakale nesibhamu nezinhlamvu

UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula uthi lokhu kusho ukuthi uNtlemeza usethathwa njengomuntu othathe umhlalaphansi engeyona inhloko.

NgoMashi, INkantolo eNkulu yaseNorth Gauteng yathola ukuthi uNtlemeza waqokwa kungafanele.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...