Sichithiwe enkantolo isicelo esafakwa amalungu e-ANC e-Eastern Cape

2017-12-12 14:00

Grahamstown – Isicelo ebesifakwe enkantolo sokuba uthathwe njengowawungekho emthethweni umhlangano we-ANC esifundazweni i-Eastern Cape, sichithiwe kanti ababesifakile kuzomele bakhokhe nezindleko zecala.

Icala lafakwa amalungu angu-11 ayengagculisekile ngemiphumela yokhetho, olwanqontshwa u-Oscar Mabuyane, waba ngusihlalo omusha we-ANC esifundazweni.

Abalelwa kwangu-8 amalungu e-ANC alimala ngesikhathi kuqubuka udlame emhlanganweni owawungo-Okthoba.

Into yayibangwa kakhulu yizimvume zokuba semhkanganweni.

OLUNYE UDABAUbuyele enkatolo umfundisi we-Doom

Amanye amalungu amaningi kwaphoqeleka ukuba akhishelwe ngaphandle, angakwazi ukuvota.

I-ANC kulesi sifundazwe yaphakamisa igama likaCyril Ramaphosa kwesokuba umengameli olandelayo.

Kuthiwa labo abaya enkantolo, babeseka imbangi yakhe, uNkosazana Dlamini-Zuma.

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...