Sezikhokhile izithandani ezaphuma eRestaurant zingakhokhile

2016-11-30 10:01

Cape Town - Owesifazane owachitha imini yonke esendaweni yokudlela eKapa maqeda waphuma ngomnyango engakukhokhele ukudla, ugcine ebuyelile emuva wayokukhokhela, kusho omunye wabanikazi bendawo ngoLwesibili.

Lo wesifazane ubuyelile kule ndawo yokudlela eseKapa iFat Cactus Cafe eyokhokhela ukudla kwemali engu-R1 300.

OLUNYE UDABA:VIDEO: Izithandani zidle ukudla kuka-R1 300 zashaya zachitha zingakhokhile

UCeleste Perry oyimenenja yakule ndawo utshele abezindaba zeNews24 ukuthi lo wesifazane ufikile wazokhokha waphinde waxolisa.

Ukudla ukukhokhela ngoLwesibili ntambama.

"Ngeke ngize ngilivule icala, ngicabanga ukuthi ukufakwa kwezithombe ne-video yalezi zithandani ezinkundleni zokuxhumana, kubahlaze ngokwenele," kusho uPerry.

NgoLwesibili i-video yalezi zithandani ibisibukwe abantu abangaphezu kwabangu-380 000, yaphinde yasatshalaliswa abantu abangaphezu kuka-10 000.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-18°C Haze. Mild. Pta: 18-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 20-24°C Morning clouds. Mild. PE: 14-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...