Sesitholakele isidumbu somfana ogwilize ePort Shepstone

2017-03-07 12:33

Durban - Sesitholakele isidumbu somfana ogwilize ePort Shepstone, eningizimu yesifundazwe, ngoMsombuluko ntambama, kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal.

Abezimo eziphuthumayo babizelwe eMadwayana River ngezithuba zabo-16:30, kusho uCaptain Thulani Zwane.

OLUNYE UDABA: Kutholakale isidumbu sesalukazi sigwaziwe emzini waso

"Ingane yomfana eneminyaka engu-9 ubudala kubikwa ukuthi ivele yanyamalala ngaphansi kwamanzi ngesikhathi idlala emanzini," kusho uZwane.

Isidumbu salo mfana sitholwe eduzane nalapho egcina ukubonakala khona.

Kuvulwe idokodo ngokufa komuntu esiteshini samaphoyisa, kuphetha umbiko.

 - Timeslive

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter     

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Drizzle. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...