Sesiku-377 isibalo sabafundi abangakazitholi izikole eGauteng

2017-02-10 07:31

Johannesburg - UMnyango wezeMfundo eGauteng uthi sesehlile isibalo sezingane ezingakazitholi izikhala ezikoleni ezabhalisa ngohlelo lwe-inthanethi njengoba sesimi ku-377.

UMnyango uthi umatasa ngomsebenzi njengoba ufuna ukuqinisekisa ukuthi bonke abafundi bangenile emakilasini ekupheleni kwaleli sonto.

OLUNYE UDABA: Yizigidigidi zabafundi okulindekele ziye ezikole namuhla

Bebengaphezu kuka-50 000 abafundi baBanga 1 kanye  nalabo abazoqala iBanga 8 abebengakazitholi izikhala ezikoleni ekuqaleni konyaka.

Okhulumela lo Mnyango u-Oupa Bodibe uthe njengamanje bazama ukutholela izikhala abafundi ababhalisa ngemuva kwesikhathi.

"Kwabhalisa abafundi abangu-19 000 abasha kodwa sakwazi ukutholela abangu-15 000 izikhala. Sisalelwe abafundi ababalelwa kwabangu-3 000 ababhalisa ngoJanuwari."

 - EWN

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...