Sesikmi ku-107 esokubulawa kwabantu eGlebelands

2018-04-16 12:30

Durban - Kugwazwe kwabulawa indoda ngeSonto ekuseni ehostela lodumo iGlebelands, eMlazi, eningizimu yeTheku, okuyisigameko esibeka isibalo sabantu asebebulewe kuleli hostela ku-107 kusukela ngo-2014.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uLieutenant-Colonel Thulani Zwane uthe: "Kvulwe icala lokubulala esiteshini samaphoyisa aseMlazi kulandela izinsolo zokugwazwa kubulawe indoda, 28, ngeSonto ekuseni ngezithuba zabo-03:00 ehostela iGlebelands."

Uthe akukaboshwa muntu okwamanje kodwa isigameko siyaphenywa.

OLUNYE UDABA:Usenkantolo osolwa ngawokubulala eGlebelands

"Idokodo liphenywa ngamaphoyisa ophiko lwe-Provincial Task Team,"" usho njalo.

Isishoshovu somphakathi esizimele seHuman Rights and Social Justice, uVenessa Burger, sithe  indoda ebulelwe, uLwando Gladine ubeyisakhamuzi sase-Block 53, ubevakashele endaweni yokucima ukoma iChief's Tavern eseduze nase-Reunion nabangani bakhe.

"Ngemuva kokushiya ethaveni, kunokubuyela endlini, uye eBlock 55 lapho agwazwe wabulawa khona," kusho uBurger.

"Isigameko sesihlanu sokubulawa komuntu ehostela kusukela ekuqaleni kwalo nyaka, osekubeke isibalo sabantu ababulawa ehsotela ku-107 kusukela ngo-2014," usho njalo eqhuba.


Ngo-Ephreli, kugwetshwe uKhayelihle Mroza Mbuthuma, 28, ngodilikajele ngemuva kokulahlwa yicala lokubulala uSibongile Mtshali ngo-Agasti 2017.


 - Daily News

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...