Sesiboshiwe isangoma esisolwa ngokudlwengula isiguli

2017-01-08 18:39

Polokwane - Sesiboshiwe isangoma esisolwa ngokudlwengula intombazane esencane eGa-Marishane Village, kusho amaphoyisa aseLimpopo ngeSonto.

Le ndoda eneminyaka engu-43 ubudala iboshwe ngoMgqibelo ebusuku ngemuva koklufunwa isikhashana kulandela ukunyamalala kwayo ngezinsolo zokudlwengula, kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Moatshe Ngoepe.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa isangoma esisolwa ngokudlwengula isiguli

Le ntombazane eneminyaka engu-16 ubudala kuzwakale ukuthi idlwengulwe yilesi sangoma esaziwayo endaweni ngoLwesihlanu,.

"Kusolwa ukuthi le ntombazane yabonana nesangoma emzini waso iyofuna usizo,. Njengengxunye yokwelashwa yaphuziswa umuthi othile yase iba nesiyezi, umsolwa wayihambisa ekamelweni lakhe lapho ayidlwengulela khona," kusho uNgoepe.

Lesi sangoma sibhekene encala lokudlwengula kanti kulindeleke ukuba sivele eNkantolo yeMantshi aseNobe ngoMsombuluko.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-25°C High level clouds. Mild.
Jhb: 7-21°C High level clouds. Mild. Bloem: 5-25°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-24°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...