Senyukele ku-15 isibalo sabashone engozini e-KZN

2018-03-30 11:16

Durban – Sesenyukile isibalo sabantu abashone engozini yetekisi eyenzeke emgwaqeni uR33 ngaseGreytown, maphakathi neKwaZulu-Natal, sama ku-15.

Abanye abantu bathole ukulimala kule ngozi eyenzeke ngoLwesine. Kubikwa ukuthi abathathu kubo kwembulwa kwembeswa esibhedlela.

Akucaci kahle ukuthi kube yini imbangela yale ngozi.

UNgqongqoshe wezokuThutha esifundazweni, uMxolisi Kaunda, kulindeleke ukuba ahambele endaweni yesigameko bese edlulela emindenini elahlekelwe ngoLwesihlanu.

I-KZN Emergency Services iveze ukuthi kwehle enye ingozi yetekisi eRichmond ngoLwesine, kwalimala abantu abangu-16.

Iziphathimandla sezikhiphe isexwayiso sokuthi zizobe ziphume ngobuningi bazo kula maholidi ePhasika.

IZITHOMBE: 

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...