Senyuke sahlala ku-20 isibalo sabantu abashone engozini KwaXimba

2017-08-21 18:00

kwaXimba - Sesihleli ku-20 isibalo sabantu abashone engozini enyantisa igazi eyenzeke KwaXimba eMgungundlovu ngeSonto ekuseni.

Ngokubika kwe-Newswatch, iMeya yaseMkhambathini, u-Eric Ngcongo, uthi bezwe lezi zindaba ngesikhathi behambele imindeni yalabo abashonile ngoMsombuluko emini.

"Sithole ucingo ngokushona komunye umuntu obesetekisini izolo kanti lokhu sekunyuse isibalo sabashonile safinyelela ku-20," kusho uNgcongo.

UNgcongo uqhubeke wathi imindeni ethintekayo izothola uxhaso kuhulumeni.

"Ngokubambisana noMnyango wezokuThutha, abe-Road Accident Fund, abaphathi bomasipala namakhansela, sizoqinisekisa ukuthi imindeni ekhungathekile ithola uxhaso," kuqhubeka yena.

OLUNYE UDABA:Kushone 18 wabantu engozini enyantisa igazi ngakwesikaXimba

Leli tekisi lithole ingozi lilayishe abazalwane abangu-26 ngesikhathi liphaphalaza ngasebhulohweni lomfula uMsunduzi.

Umshayeli wetekisi uhlulekile ukulilawula lagingqika laze layobhajwa ngaphansi kwebhulohwe.

Kusize amalungu omphakathi ngesikhathi abezimo eziphuthumayo bengakafiki ngokuphuthumisa abalimele esibhedlela nasemitholampilo eseduzane nendawo yesigameko.

Inhlangano yamatekisi kuleli i-Santaco ikhiphe isitatimende yathi leli tekisi alibhalisiwe ngaphansi kwale nhlangano kanti lingelomuntu ozisebenzayo ukulashiya abagibeli uma benohambo olukhethekile.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 16-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...