Selishonile iphoyisa lomgwaqo eladutshulwa ekhanda esigamekweni sokuduna

2018-02-14 16:00

Johannesburg - Sekugcine kulenele iphoyisa likaMasipala waseGoli eladutshulwa ekhanda esigamekweni sokuduna eBooysens.

Leli phoyisa lishonele esibhedlela iMilpark namuhla ngezithuba zabo-03:00 ekuseni.

Ikhansela eliphinde libe yilungu lekomidi leMeya kanye nezokuphepha komphakathi eGoli, uMicheal Sun, uhlonze leli phoyisa njengo-D.A Ratshikhopha.

OLUNYE UDABA:Kudutshulwe iphoyisa lomgwaqo esigamekweni sokuduna eGoli

"Siyabonga ngemithandazo nemiqhafazo yokwesekwa. Sengathi engalala ngokuthula," kuqhuba uSun.

IJohannesburg Metro Police Department (JMPD) ibingakaphawuli ngokudlula emhlabeni kwaleli phoyisa.

NgoLwesibili, okuwusuku lwesigameko, amaphoyisa athe bekungakaboshwa muntu ngalesi sehlakalo, athi nokho aphume inqina ayamthungatha umsolwa.

 - African News Agency (ANA)

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C a few tstorms. More clouds than sun. Cool. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Sunny. Mild. Bloem: 3-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 12-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...