Selikulungele ukuyoqulwa enkantolo enkulu icala likaSandile Mantsoe

2017-08-30 15:59

Johannesburg - Umsolwa oshadelwe, uSandile Mantsoe, osolwa ngokubulala intombi yakhe, uKarabo Mokoena, wayishisa, isidumbu sayo wasigqiba ethuneni elingashoni, uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseGoli, engale kwamakhamera.

UMontsoe, 27, usenezinyanga ezintathu ugqunywe ejele laseGoli.

UMbuso usola ukuthi lo mmangalelwa wabulala intombi yakhe yezinyanga eziyisikhombisa wayokhela ngomlilo ngaphambi kokuyigqiba ethuneni elingashoni eBramley.

OLUNYE UDABA:Usizi emndenini kaKarabo kutholakala ukuthi 'ubulewe' yisoka

Umsolwa ubhekene necala lokubulala, ukushaya nokuvimbela ukusebenza kwengalo yomthetho.

Umshushisi, uJohn Metswanere, utshele inkantolo ukuthi amasamanisi asephothuliwe. Uthe uphenyo nalo seluphothuliwe, icala selikulungele ukuqulwa enkantolo enkulu.

Asikho isizathu esikhishiwe ngokungafiki kukaMantsoe enkantolo njengoba ebevele ngohlelo lwamakhamera.

Yize kunjalo, iMantshi uPiet du Plessis, ithe amasamanisi anikwa umsolwa esandleni ukuze icala lizokwazi ukuyoqulwa enkantolo enkulu.

UDu Plessis ulihlehlisele uLwesine icala wacela nokuthi uMantsoe alethwe enkantolo.


 - ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...