'Sekwenziwe izithembiso eziningi ecaleni lokubulawa kukaMeyiwa'

2018-04-19 17:59

Parliament - UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke, uKhehla Sitole, ngoLwesine uthe amaphoyisa asenze izithembiso eziningi kakhulu ecaleni lokubulawa kukaSenzo Meyiwa owayengunozinti weBafana Bafana ne-Orlando Pirates, elenzeka eminyakeni emithathu eyedlule.

"Yebo, ngicabanga ukuthi sesenze izithembiso eziningi, empeleni namuhla ngimatasa ngolwazi oluthile," kusho uSitole etshela amaLungu ePhalamende ngesikhathi ekhuluma ePhalamende ngohlelo lokusebenza kwamaphoyisa akuleli.

OLUNYE UDABA:#SenzoMeyiwa: Indodana kaChicco Twala ibhodla ngezinsolo zokubulala uSenzo

"Angisafuni ukwenza izithembiso ngaleli cala kodwa ngicabanga ukuthi libekwe eqhulwini emacaleni amakhulu futhi kubuyekezwe namathimba abaphenyi okuyiwona aqhuba uphenyo," esho.

Ngonyaka odlule owayenguNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula, ngemuva kokuqokwa kwakhe, wathi leli cala uzolenza libesemqoka wathi futhi kukhona abazoboshwa.

Nokho sekuphele unyaka asho lokho kodwa namanje akukaboshwa muntu.

UMeyiwa wadutshulwa wabulawa ngo-Okthoba 2014 eVosloorus ekubo kalowo owayeyintombi yakhe uKelly Khumalo.

Namanje kusenzima ukuthola abenzi bokubi.


 - African News Agency/ANA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C Sunny. Mild. Pta: 9-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 7-20°C Sunny. Mild. Bloem: 3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-22°C Partly cloudy. Cool. PE: 10-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...