Sekuyisikhathi sokuthi izinto ziqondiswe ngokwesintu, kusho iSilo

2017-05-30 15:59

eMkhumbane - ISilo samabandla wonke iNkosi uGoodwill Zwelithini sithi sekuyisikhathi sokuthi izinto ziqondiswe ngokwesintu ngoba lesi sihlava sokubulawa kuphinde kudlengulwe abantu abesifazane singaphela nya kushaye nomoya, kubika iEyethu News.

ISilo sisho lokhu ngesikhathi sivula ngokusemthethweni indawo yokugcinwa kwamagugu endaweni yaseMkhumbane ngeSonto.

UBhejane Phuma esiqiwini ucele ukuba kunikezwe ubuholi besintu ithuba lokuhola izwe noma inyanga eyodwa nje ukuze kuqondiswe izinto.

UNgangezwe lakhe uthi kukhona lapho konakele khona ezweni futhi sekuyisikhathi sokuthi abaholi bendabuko bakulungise lokhu.

OLUNYE UDABA: BUKA: Enye yamakhosi inqaba ukukhothamela iSilo

“Angingabazi ukuthi uma ngingazibambela lokhu okwenzekalayo kungaphela nya, izwe lingaqonda njengothi lomkhonto sikwazi ngisho ukulala njengoba sesilala obenyoninje.

“Baphi laba ababizwa ngamadoda, aphi amakhosi nezinduna okuyibona kuphela abangalungisa lesi simo esibhekene naso njengesikhathi samanje ngoba ibona kuphela abangakwazi ukulungisa lesi sihlava esenzekayo futhi angeke sizikukhohlise, iqiniso ukuthi nje kukhona lapho ekonakele khona” kusho iSilo.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...