Sekuvele ukuthi ubephinga umculi ohlukanisa nomkakhe

2017-10-23 11:01

Johannesburg - Sekuyindaba eyaziwayo ukuthi isihlabani somculo wekwaito, esaduma eqenjini le-TKZee, uZwai Bala, siyehlukanisa nomkaso uMelanie.

Kodwa lezi zithandani kazishongo ukuthi kungani zehlukanisa ngesikhathi zikhipha isitatimende zimemezela ngokuphela komshado wazo.

Manje sekuqubuke amahlebezi athi uMelanie wathola ukuthi uZwai uyaphinga.

Imithombo esondelene nalezi zithandani ithi ngokombiko weSunday Sun, uMelanie wephuke inhliziyo ethola ukuthi umyeni wakhe uyaphinga.

Ngokwemibiko, laba namanje basahlala endlini eyodwa – ngoba benzela izingane zabo.

Umthombo weSunday Sun uthi okokuqala ngesikhathi uZwai ebanjwa ukuthi uyaphinga kwakushubile, kodwa abangani babancenga ukuba balungise izinto.

OLUNYE UDABA: UMinnie Jones uqophe umlando ngohlelo lwakhe

Kuthiwa uZwai waphinde wabanjwa okwesibili, uMelanie esanda kubeletha.

“Angazi ukuthi uZwai uzophila kanjani ngaphandle kukaMelanie ngoba umndeni wakhe ubewenzela konke,” kusho umthombo.

Omunye umthombo kubikwa ukuthi uthe izinto zazihamba kahle phakathi kwalezi zithandani ngesikhathi uZwai engawutholi umsebenzi, kanti uMelanie nguyena owayondla umndeni wakhe.

Lo mthombo kuthiwa uthi uMelanie umbambe okwesithathu uZwai ukuthi uyaphinga ngesikhathi ebuka umakhalekhukhwini wakhe.

Kuthiwa uZwai walile ukuphawula ngesikhathi ethintwa ngalolu daba. UMelanie naye kubikwa ukuthi uthe akukho angakusho.

- Sunday Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Heavy rain. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-21°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild. Bloem: 9-27°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-22°C Rain late. Mostly cloudy. Cool. PE: 12-19°C a few showers. Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...