Sekushone umuntu wesibili kulandela ukusha kwemijondolo eThekwini

2017-11-14 14:01

Durban - Sekushone omunye umuntu kulandela ilangabi elaqubuka emjondolo eseThekini ngempelasonto.

Abantu ababalelwa kwabangu-2 000 basala dengwane kulande ukusha kwemijondolo yabo ekuForeman Road, eSpringfield eThekwini.

Kukholakala ukuthi ukuwa kwekhandlela okwaqala umlilo wangoMgqibelo ebusuku.

OLUNYE UDABA:Kushone ingane, 2, kusha imijondolo eThekwini

USihlalo wenhlangano yaBahlali baseMjondolo uMqapheli Bonono, uthe u-Eric Mpanza okukholakala ukuthi udabuka eMozambique ushonele esibhedlela ngoMsombuluko.

"Ngithanda ukudlulisa la mazwi kuhulumeni, ukuthi naye engeza azosiza ngoba esikutholayo ukuthi lo baba udabuka emazweni angaphandle. Asibheke ukuthi uzobekwa kanjani endaweni yakhe yokugcina," kusho uMpanza.

 - SABC

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 12-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-27°C Sunny. Warm. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...