Sekushone 4 kuhlasela isishingishane, uDineo

2017-02-16 17:59

Johannesburg – Abezindaba baseMozambique babika ukuthi abantu abane, okubalwa kubo nengane, sebeshonile ngenxa yesishingishane ebesilokhu sibikezelwa, uDineo.

Ngokombiko weJornal Noticias, kushone ingane ngemuva kokupitshazwa yisihlahla esiwile eMassinga, esifundazweni i-Inhambane.

OLUNYE UDABA: BUKA: Sifike kwezwakala isishingishane eMozambique, iKZN imincile

Lesi sishingishane, manje esesibizwa ngo-ex-Dineo, sesehlisiwe ekubeni isishingishane esikusigaba-4, njengoba manje sekubikwa ukuthi angeke sisaba mandla njengoba bekukade kuqaguliwe.

Kodwa-ke noma kunjalo izangoma zezulu zithi lesi sishingishane siseyingozi enkulu kanti sekululekwe nabantu ukuba balokhu beqaphile esikhathini esingamahora angu-48 ezayo.

Kuqagulwa ukuthi kungase kube nezimvula ezinamandla ezihambisana nomoya ezingxenyeni ezithile zezwe, okubalwa kuzo iLimpopo, iMpumalanga kanye naKwaZulu-Natal.

Esinye sezakhamuzi zaseNingizimu Afrika esizinze eMozambique, uBrian Jefferies, sifake i-video kuFacebook sikhombisa umonakalo omkhulu odalwe yilesi sishingishane e-Inhambane.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C More sun than clouds. Cool. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 20-31°C More sun than clouds. Warm. PE: 19-25°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...