Sekusemome likhalelwe ngamasongo kaSigonyela iPhini likaNgqongqoshe

2017-08-08 16:01

Johannesburg – UNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula uthi akusekude kuboshwe iPhini likaNgqongqoshe weMfundo ePhakeme uMduduzi Manana futhi angase aboshwe namhlanje ngoLwesibili.

UManana uvumile ukuthi ushaye uMandisa Duma endaweni yobumnandi eFourways ngeSonto.

Lona wesifazane uvulele uNgqongqoshe icala lokushaya.

UMbalula unxuse abantu baseNingizimu Afrika ukuba babekezele njengoba amaphoyisa esaqhuba uphenyo.

OLUNYE UDABA: Ugwetshiwe owadlwengula owayemgibelise emotweni

“Iqiniso ukuthi kunohlelo okumele lulandelwe ngasohlangothini lwesisulu, nokuba kubhekisiswe imininingwane ngalolu daba. Sekusesemome aboshwe, namhlanje noma ngesinye isikhathi.”

UManana uphinde waxolisa ngesenzo sakhe eCubana, nakubaphathi bayo kanye nabasebenzi.

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C More clouds than sun. Mild. Pta: 17-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 19-34°C Sunny. Hot. PE: 17-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...