Sekuqubuke omunye umbhikisho wama-meter taxi, manje sekubhikisha abe-Uber

2017-03-10 14:01

Johannesburg – Ngesikhathi abashayeli bama-meter taxi bevale imigwaqo eduze nasesikhumulweni sezindiza i-OR Tambo International Airport ngoLwesihlanu bekhala ngo-Uber, manje sekuqubuke omunye umbhikisho wabashayeli bawo ama-meter taxi akwa-Uber nababhikishela le nkampani yabo ngezinsolo zokuthi ayibavikeli.

Umshayeli we-Uber, uZweli Ngwenya, utshele iNews24 ukuthi abanye babashayeli bahambise uhlu lwezikhalo kule nkampani futhi belindele nempendulo, kodwa le nkampani kusolwa ukuthi ayizange iziphendule izikhalo zabo.

Abashayeli bama-Uber bavale imigwaqo eseduze namahhovisi enkampani eParktown North, eGoli.

OLUNYE UDABA: Bakhala ngo-Uber abashayeli bama-meter taxi ababhikishayo

Kwenzeka lokhu nje, ngezikhathi zasekuseni ngoLwesihlanu, abashayeli bama-meter taxi bavale umgwaqo onguthelawayeka uR24 uma ubheke ngasempumalanga, phakathi nomgwaqo ophumela ku-Edenvale kanye nakuBarbara Road.

Laba shayeli abebedinwe beveva bakhale ngokuthi isibame emphinjeni indaba yokusebenza kwezimoto zakwa-Uber, baphinde bafuna nokuthi kuvalwe ukusebenza kwazo ngoba akukho semthethweni futhi kubulala ibhizinisi labo.

Umshayeli we-Uber, uNgwenya, uthi bafuna ukuthi inkampani yazi ukuthi bafuna ukusebenzisana nayo, hhayi ukulwisana nayo.

“Uma sizama ukuxoxa nabo, bahlale bethi abalihloniphi iqeqebana, bahlonipha umuntu ngayedwa. Sonke siyasatshiswa. Izimoto zethu ziyashaywa. Kuyinkinga yawo wonke umshayeli.”

Uphinde wasola kakhulu le nkampani ngokungenzi lutho ngezinkinga zabo zezokuphepha.

Abakwa-Uber bebengakatholakali ukuze baziphendulele kulezi zinsolo. 

Zizwele ezinye zezikhalo zabashayeli bama-Uber lapha:

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-23°C Sunny. Mild. Pta: 12-22°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 8-19°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 4-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Decreasing cloudiness. Cool. PE: 15-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...