Sekuqiniswe uphenyo ngokugqekezwa kwamahhovisi eNhloko yamaJaji

2017-03-20 11:03

Johannesburg - Amaphoyisa aseqinise uphenyo kulandela ukwebiwa kwama-computer angu-15 emahhovisi eNhloko yamaJaji  eMidrand, enyakatho yeGoli, nokwenzeke ngemuva kokuba iNkantolo yoMthethosisekelo ikhiphe isinqumo ngodaba lakwa-Sassa.

Ama-computer angu-15, naqukethe imininingwane ebucayi ngamajaji aseNingizimu Afrika, ebiwe ngesikhathi kugqekezwa ngempelasonto. Amaphoyisa athi asesungule ithimba elizokwenza uphenyo kodwa bekungakaboshwa muntu ngesigameko.

IPhalamende selinxuse amaphoyisa ukuba angashiyi lutho ngaphandle uma enza uphenyo ukuze labo abathintekayo bezobhekana nengalo yomthetho.

OLUNYE UDABA: Ubuyela enkantolo umfundisi weDoom

Okhulumela iPhalamende uMoloto Mothapo uthi lesi sigameko sisho ukuhlaselwa kwentando yabantu eNingizimu Afrika.

Khonamanjalo, iDemocratic Alliance (DA) ithi kuyasolisa ukuthi kungagqekezwa emahhovisi enhloko yamajaji ngalesi sikhathi [kade kuphuma isinqumo ngodaba lakwa-Sassa].

Isinqumo senkantolo sagxeka kakhulu uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi , uBathabile Dlamini.

- SABC

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-19°C Sunny. Mild. Bloem: -3-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Drizzle. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...