Sekuqaliwe ukufakwa kwezicelo zefoni entsha, i-iPhone 7

2016-10-07 13:33

Johannesburg – Amafoni amasha akwa Apple abhekwe ngabomvu, i-iPhone 7 kanye ne-iPhone 7 Plus sekuqaliwe uthathwa kwezicelo kulabo abafuna ukuwathenga.

Izinkampani zezokuxhumana kulindeleke ukuba zidalule maduzane ukuthi azobiza malini lama foni kulabo abazowathenga ngezinkontileka.

U-MTN kanye noVodacom yizona izinkampani esezithatha izicelo zokuthengwa kwala mafoni kanti wona lama foni kulindeleke ukuba abe esetholakala kubantu baseNingizimu Afrika ngoLwesihlanu mhlaka-14 ku-Okthoba.

OLUNYE UDABA: Izomba eqolo i-iPhone 7 esizotholakala naseMzansi 

Ngokuka-myistore.co.za, i-iPhone 7 izobiza u-R12 999 kanti i-iPhone 7 Plus yona izoqala ku-R15 499.

Iwashi, iWatch Series 2, lizobiza kusukela ku-R6 899, kanti elibiza kakhulu lizobiza uR19 499.

Kule foni entsha ayikho indawo yokufaka ama-headphone njengaphambilini njengoba izosebenzisa okokufaka ezindlebeni (earbud) okungenazo izintambo. 

- Finance24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...