Sekuqaliswe uphenyo lwesibili ngobulawe yiphoyisa esiteshini sawo

2018-04-16 10:59

Cape Town – Sekuqaliswe uphenyo lwesibili ngemuva kokuba iphoyisa likamasipala lidubule labulala owesilisa okuthiwa uligwazile esiteshini samaphoyisa eMfuleni.

Iphoyisa belivula idokodo ngeSonto ngesikhathi lihlaselwa ngowesilisa ocele ukuba afakwe esitokisini.

Kuthiwa ukhiphe ummese, wagwaza iphoyisa amanxeba amathathu.

Owezokuphepha edolobheni iKapa, u-JP Smith, uthi iphoyisa liphindisele ngokudubula umsolwa.

OLUNYE UDABA: Uyavela enkantolo owajikijela usana phansi ephezu komjondolo

“Kuphinde kwalimala nabanye abantu ababili, bobabili emilenzeni yangakwesokudla. Iphoyisa lithole usizo eMelomed eBellville kanti lizothola ukwelulekwa ngokwengqondo. Omunye wabalimele uyiswe eTygerberg Hospital ukuze ezokwelashwa.”

USmith uphinde wathi ngaphandle kophenyo olwenziwa ngamaphoyisa, i-Ipid kumele yenze uphenyo nayo.

“ISouth African Police Service iyaphenya ngalolu daba kanjalo ne-Independent Police Investigative Directorate. Idolobha lizosiza nganoma iyiphi indlela ukuqinisekisa ukuthi luyasheshiswa.”

- EWN

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-27°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-23°C Sunny. Mild. Bloem: 5-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-27°C Sunny. Warm. PE: 13-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...