Sekuphinde kwaqothwa omunye umndeni e-KZN

2017-10-06 14:03

Durban – Kubulawe amalungu amahlanu omndeni owodwa kwesinye isigameko sokuhlaselwa komndeni KwaZulu-Natal kungakapheli nezinsuku ezintathu kwenzeke isigameko esifana nalesi esifundazweni.

Okhulumela amaphoyisa uCaptain Nqobile Gwala uthe oshayasibhamu bavulele ngenhlamvu emndenini waseNteke, eMarianhill, amalungu awo aneminyaka yobudala ephakathi kuka-19 no-34.

"Kube sekushona amalungu amane omndeni endaweni yesigameko kwathi elesihlanu laphelela esibhedlela," kusho uGwala ngoLwesihlanu.

OLUNYE UDABA: Kusolwa nodaba lwamabolobo ngokuqothwa komndeni eKZN

Kwenzeka lesi sigameko nje, kusabatshazwa esangoLwesibili lapho kubulawe khona abesifazane ababili nezingane ezine eMatimatolo, eGreytown.

UGwala uthe uphiko lwesifundazwe olusebenza ngobugebengu obuhleliwe yilo elizophenya isigameko sakamuva.

"Imbangela yalokhu kuhlasela ayikaziwa okwamanje kepha uphenyo luyaqhubeka," kusho uGwala, wananela ngokuthi abomthetho bayazigxeka kakhulu lezi zigameko.

"Eyokubulawa ngesihluku esinje kwemindeni okukhona kuyo izingane ezincane, ayiqondakali futhi ayamukelekile."

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant General Bheki Langa, ufunge wagomela ngokuthi bazojeza abenzi bokubi.


- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...