Sekuphinde kwabulawa elinye ilungu le-ANC

2016-07-27 11:32

Johannesburg – Ilungu le-ANC ebelingenele ukhetho kwesokuba yikhansela eWalmer ku-ward 4, ePort Elizabeth, lidutshulwe labulawa.

UNceba Dywili udutshulwe wabulawa endaweni yaseZwide ngoLwesibili ebusuku.

Ubehlisa uzakwabo wesifazane emotweni ngesikhathi abasolwa ababaili beza akubona bafike bavulela ngenhlamvu besangaphandle komuzi wesifazane.

Funda nalolu daba: Uyaveva okuxoshwe ingane yakhe ngoba ikweleta esikoleni

“Ubenamanxeba amaningi okudutshulwa emzimbeni. Owesifazane abehamba naye, naye udubulekile kanti usesimeni esethembisayo esibhedlela,” kusho okhulumela amaphoyisa uConstable Mncedi Mbobo.

Amaphoyisa aphenya ngecala lokubulala nelokuzama ukubulala, bekungakaboshwa muntu.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- eNCA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...