Sekuphinde kwabanjwa ezinye iziboshwa kwezingu-20 ezeqa

2017-08-28 09:35

Johannesburg – Iziboshwa eziyisikhombisa kwezingu-20 ezeqa eningizimu yeGoli seziboshiwe, kusho amaphoyisa aseGauteng ngeSonto.

"Isiboshwa sesikhombisa, uGinondine Sandel, siboshwe ngoLwesihlanu eSophiatown," kusho okhulumela amaphoyisa uColonel Lungelo Dlamini esitatimendeni.

Ngesikhathi eqa wayesalinde ukuquliswa ngecala lokubulala elenzeka eSophiatown.

OLUNYE UDABA: 'Umbulali nomdlwenguli' bazovela enkantolo

NgoLwesine, esinye isiboshwa, uRoland Barnard, naye waphinde waboshwa kabusha.

NgoLwesithathu, kwaboshwa ezinye ezinhlanu - uSimthembile Moni, uVincent Monwabisi Vandala, uRushden Katz, uSabelo Mbanjwa noKingley Jooste - ezingxenyeni ezahlukene zaseGauteng.

NgoLwesibili, iziboshwa ezingu-20, zaziyiswa ejele elaziwa ngeSun City ngesikhathi kuhlaselwa imoto ezazihamba ngayo, zeqa.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Showers early. Partly cloudy. Cool. Pta: 18-27°C Showers early. Mostly cloudy. Warm.
Jhb: 16-24°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-25°C Showers early. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 21-30°C a few showers. Mostly cloudy. Warm. PE: 19-26°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...