Sekungezwe ezinye izicishamlilo emlilweni osha eCamps Bay

2017-10-13 12:29

Cape Town – Kudingeke izindiza ezintathu ezinophephela emhlane nezicishamlilo ezingu-150 ukuba zizosiza ngokubhula ilangabi elivutha eduzane nasehhotela i-12 Apostle, eCamps Bay ngoLwesihlanu.

Imenenja yeTable Mountain National Parks (TMNP), uPhilip Prins, ithe ithimba elihamba phansi lizocisha umlilo emaceleni bese kuthi elihamba ngendiza lona lizofafaza amanzi liphezulu.

OLUNYE UDABA:Namanje izicishamlilo zisabhula ilangabi layizolo

UPrins uthe enye yezindiza isendleleni isuka eGeorge kanti ezimbili zisuka e-Eastern Cape.

Uthe unethemba lokuthi leli langabi lizolawulekaa njengoba nomoya usuphelile.


 - Twitter:

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 17-27°C Showers early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 13-27°C Showers late. High level clouds. Warm.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 14-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...