Sekulalwana kuzona izindlu ezingahlali muntu eThekwini - Umbiko

2016-11-22 16:00

Durban - Izakhamuzi zaseNtukusweni Village ngaseCato Ridge, ngaseThekwini, zithi izindlu zomxhaso ezakhiwa ngasekuqaleni konyaka seziphenduke isidleke sezigilamkhuba, futhi abantu balalana khona.

Esinye sezakhamuzi sithi ngemuva kokwakhiwa kwezindlu, izisebenzi zikamasipala zabuya zazokhipha uphahla, zahamba.

“Ikhansela lethu, uBongumusa Mkhize, lathi uphahla lwakhishwa ngoba izindlu ngesikhathi zihlolwa kwatholakala ukuthi azikulungele ukuhlala abantu. Samcela ukuba zidilizwe kodwa namanje akukho osekwenziwe ngazo,” kusho isakhamuzi.

Esinye isakhamuzi sithe intsha ilalana kuzona lezi zindlu.

OLUNYE UDABA: Umlingisi ezinsolweni zokweba uphaya

“Ngangidlula ngakwenye yezindlu ngesikhathi ngizwa ukuhayiza. Ngangicabanga ukuthi kukhona obanjwa inkunzi kodwa kuthe uma ngisondela, ngabona benza ucansi. Abangibonanga ngoba babematasa kakhulu,” kusho isakhamuzi.

UMkhize, oyikhansela lendawo, ukuqinisekisile ukuthi kwatholakala ukuthi izindlu azikulungele ukuhlala abantu.

Uthe uyazi ukuthi kwakumele zidilizwe, wathi uzolulandelela lolu daba.

UTozi Mthethwa, okhulumela uMasipala weTheku, uthe azikho izindlu okwatholakala ukuthi azikulungele ukuhlala abantu.

- Daily Sun

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 20-28°C More sun than clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...