Sekukhishwe umehlokaboni ka-R250 000 ngosana oluthunjwe eThekwini

2017-03-11 12:33

Johannesburg  - Amaphoyisa aKwaZulu-Natal asekhiphe umehlokaboni ka-R250 000 kongaba nolwazi olungaholela ekutheni kuboshwe abasolwa abathumbe usana, uSiwaphiwe Mbambo, eThekwini.

Le ngane kuthiwa ibinceliswa ngumama wayo ngesikhathi kuqhamuka amadoda amabili abehlomile, afuna ngendluzula izikhiye zemoto ase ehamba nosana.

Umama nendodana yakhe eneminyaka engu-8 ubudala bakhishelwe ngaphandle kwale moto, izigebengu zayishaya yazula zihamba nosana kulesi sigameko esenzeke eGame City ngoLwesihlanu.

“Okumqoka kithi ukuthi sithole lolu sana. Sekukhishwe umehlokaboni ka-R250 000 kongaba nolwazi olungaholela ekutheni kuboshwe abasolwa,” kusho okhulumela amaphoyisa uLieutenant-Colonel Thulani Zwane etshela iNews24.

Kusetshenziswa ngisho izinja ezihogela umkhondo njengoba kuthungathwa lolu sana lwentombazane.

Amaphoyisa ayithole kuMoody Crescent, eMontclair, ngoLwesihlanu ntambama, imoto kepha ingane ingekho phakathi.

OweMarshall Security uKyle van Reenen uthe kuthathwe isihlalo sengane kanye nenqola yayo emotweni.

Basola ukuthi kungenzeka ukuthi lesi sigameko sihlobene “nodaba lwasekhaya”, wathi kodwa bazolandela yonke imikhondo.

Kuthiwa lolu sana luthunjwe lugqoke i-vest nenabukeni kuphela, kuphetha uZwane.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Afternoon clouds. Mild. Pta: 11-24°C Mostly sunny. Mild.
Jhb: 7-19°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 8-22°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Sunny. Mild. PE: 14-25°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...