Sekukaningi eboshelwa ukuhlukumeza ongasadingeki eSpur

2017-07-03 14:01

Johannesburg – Indoda esiyavalwa ukuthi ibeke unyawo lwayo kuzo zonke izitolo zakwa-Spur ezweni lonke ngemuva kokushintshisana ngamazwi nokubhekana ngeziqu zamehlo sekukaningi iboshelwa ukuhlukumeza.

INews24 ingakudalula ukuthi le ndoda, engumdayisi wezimoto ozinze eRustenburg, eNorth West, kunamacala amahlanu abhekana nawo phakathi kuka-June 2005 kanye noNovemba 2011 nalapho kubalwa nokushaya unkosikazi wakhe emphakathini.

“[La macala] ahlanganisa amathathu okuhlukumeza, elilodwa lokucekela phansi impahla kanye nelilodwa lokuphula uMthetho woDlame lwaseKhaya ( Domestic Violence Act),” kusho okhulumela amaphoyisa aseNorth West, uBrigadier Sabata Mokgwabone.

OLUNYE UDABA: Kuhlokoma izinkundla ngendoda yomlungu ehlasela owesimame omnyama eSpur

Emacaleni amabili, ngokuqonda kweNews24, le ndoda yasolwa ngokushaya unkosikazi wayo ngesibhakela ekilabhini yebhola lombhoxo. Kwesinye isigameko owesifazane wavula icala wavulela le ndoda icala lokuhlukumeza ngemuva kwezinsolo zokuthi wamshaya ekhaya labo.

UMokgwabone uthi amacala amane kulawa ayebhekene nale ndoda ahoxiswa futhi watholakala engenacala ecalani elilodwa lokuhlukumeza.

Imizamo yokuthola ukuphawula kwale ndoda ayiphumelelanga phezu kwezingcingo kanye nemiyalezo kamakhelekhukhwini athunyelelwe yona phakathi nesonto.

Le ndoda yagcwala ezinkundleni zokuxhumana ngomhlaka-21 kuMashi ngesikhathi i-video yesigameko okusolakala ukuthi ngesokuhilizisana phakathi kwezingane endaweni okudlalela kuyo izingane esitolo sokudlela nalapho le ndoda yacishe yabambana ngezandla nomunye umzali, uLebohang Mabuya.

Lesi sigameko sasusa omkhulu umsindo kuleli. 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C High level clouds. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Sunny. Mild. PE: 16-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...