Sekujutshwe ithimba elizophenya ngokubulawa kwemindeni emibili e-KZN

2017-10-06 18:00

Johannesburg - Sekusungulwe uphiko olusebenza ngobugebengu obuhleliwe esifundazweni kulandela esinye futhi isigameko sokuqothwa komndeni KwaZulu-Natal, njengoba isigameko sakamuva senzeke eMariannhill, ngaphandle kweTheku.

Esigamekweni sakamuva, kuhlaselwe umndeni ngesikhathi kugasela oshayasibhamu abangaziwa, kwashona amalungu amahlanu ngoLwesine ebusuku eNteke.

Amadoda amane ashone ujuqu kwathi owesifazane washonela esibhedlela, kubika i-Eyewitness News.

Okhulumela amaphoyisa aKwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala uthi bekungakaboshwa muntu okwamanje ngalesi sigameko.

Uthi laba ababulewe baphakathi kweminyaka engu-19 no-34 ubudala.

Imbangela yalesi sigameko ayicaci kepha uphenyo luyaqhubeka.

OLUNYE UDABA: Kusolwa nodaba lwamabolobo ngokuqothwa komndeni eKZN

Lesi sigameko senzeka nje, kusabatshazwa esangoLwesibili lapho kubulawe khona abesifazane ababili nezingane ezine eMatimatolo, eGreytown.

"Imbangela yalokhu kuhlasela ayikaziwa okwamanje kepha uphenyo luyaqhubeka," kusho uGwala, wananela ngokuthi abomthetho bayazigxeka kakhulu lezi zigameko.

"Eyokubulawa ngesihluku esinje kwemindeni okukhona kuyo izingane ezincane, ayiqondakali futhi ayamukelekile."

Ibamba likaKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni, uLieutenant General Bheki Langa, ufunge wagomela ngokuthi bazojeza abenzi bokubi.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...