Sekubulawe omunye wesifazane ngesihluku kuleli

2017-05-19 14:04

Johannesburg - Kubulawe omunye umuntu wesifazane ngesihluku, okusolwa ukuthi ubulawe yisoka lakhe eLusikisiki, e-Eastern Cape.

Kuboshwe indoda eneminyaka engu-38 ubudala ngezinsolo zokubulala owesifazane. Kuzwakale ukuthi umbulale ngocelemba kulandela ukungaboni ngasolinye.

Lokhu kwenzeka nje izwe lilwisana nezigemegeme zokubulawa kwabantu besifazane kanye nezingane.

OLUNYE UDABA:Kubulawe owesifazane , 29, eMpumalanga

Amaphoyisa athi athola isidumbu sowesifazane, 48, sisikwe sayizicucu.

Kusolwa ukuthi le ndoda isole isisulu ngokusijolela.

Lo wesifazane udabuka eLuqoqweni, ngokusho kombiko.

 - SABC

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-18°C Sunny. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Cool. Bloem: -1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 11-20°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...