Sekuboshwe omunye umsolwa kwelabasolwa 'ngokudla izicubu zomuntu'

2017-08-31 12:33

Durban - Indoda esolwa ngokubandakanyeka esigamekweni sakamuva sasendaweni yase-Escourt sokudliwa kwezicubu zomuntu ikhalelwe ngamasongo kaSigonyela eZingolweni, KwaZulu-Natal, kubika iSouth Coast Herald.

Okhulumela amaphoyisa uColonel Thembeka Mbhele uqinisekise lokhu izolo (ngoLwesithathu) ntambama ukuthi sekuboshwe umsolwa wesithupha kuleli cala.

OLUNYE UDABA:Bazogqunywa esitokisini ababhekene 'nelokudla izicubu zomuntu'

"Le ndoda eneminyaka engu-25 ubudala ibicashe endaweni yaseZingolweni. Iboshiwe yathweswa icala kanti kulindeleke ukuba ivele (ngoLwesine) namuhla enkantolo," kusho uMbhele.

Oyedwa wabasolwa wangena esiteshini samaphoyisa ase-Escourt ngomhlaka-18 Agasti, ethi "usekhathele ukudla izicubu zomuntu" ngaphambi kokukhipha izicubu zomuntu, umlenze nesandla.

La madoda abhekene namacala okubalwa kuwo elokubulala nokutholakala nezicubu zomuntu. Oyedwa wabasolwa usolwa ngokuba yinyanga.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 18-32°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-33°C Showers late. High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 20-24°C Drizzle. Partly cloudy. Mild. PE: 17-24°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...