Sekuboshwe omunye futhi 'kwelokudla izicubu zomuntu'

2017-09-28 12:29

Johannesburg - Sekuboshwe omunye umsolwa okukholakala ukuthi uneminyaka ebalelwa kweko-30 ubudala endaweni yaseNtabamhlophe namuhla ekuseni ngezinsolo zokubandakanyeka esigamekweni sokudla abantu.

Kudlindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yase-Escourt namuhla.

Ngenyanga ka-Agasti nonyaka, isangoma, 32, safika esiteshini samaphoyisa siyobika ukuthi sinezicubu zomuntu. Lesi sangoma saholela amaphoyisa emzini ose-Escourt lapho okwatholakala khona ezinye izicubu zomuntu. Kwavulwa amacala okubalwa kuwo elokubulala, ukutholakala nezicubu zomuntu, umsolwa wabe eseboshwa.

Kwenziwa uphenyo, kwanxusa amalungu omphakathi adukelwa yizihlobo ukuba axhumane namaphoyisa.

OLUNYE UDABA:Bazogqunywa esitokisini ababhekene 'nelokudla izicubu zomuntu'

Kwenziwa ulibofuzo emndenini oweza ngaphambili, imiphumela iphume kuleli sonto. Kwaqinisekiswa ukuthi izicubu ngezikaZanele Hlatshwayo, 25.

Kube sekuboshwa abanye abasolwa abahlanu abaneminyaka ephakathi kwengu-29 nengu-32 ubudala.

Abasolwa bagcinwe esitokisini kanti bayavela namuhla (ngoLwesine) eNkantolo yeMantshi yase-Escourt.

Ngokwesitatimende samaphoyisa, uKhomishana wamaPhoyisa aKwaZulu-Natal, uMajor General Bheki Langa, ukwamukele ukuboshwa kwabasolwa.

"Lobu bugebengu abamukelekile emphakathini wethu kanti abantu abafana nalaba bafanelwe ukubhadla ejele isikhathi eside. Sizoqinisekisa ukuthi izigilamkhuba zizothola isigwebo esiqinile ngesenzo sazo esibi," usho njalo.



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C Light rain late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...