Sekuboshwe abathathu oKlebe begasela emzini wakwaGupta

2018-02-14 11:01

Johannesburg - Sekuboshwe oyedwa wezilamani zakwaGupta kanye nabanye abantu ababili kanti abanye ababili kulindeleke ukuba bazinikele koKlebe.

Amaphoyisa ophiko loKlebe agasele emzini wakwaGupta eSaxonwold, eGoli namuhla ekuseni.

Imininingwane mayelana nokugaselwa kulo muzi ayikaziwa okwamanje, kepha imibiko yabezindaba ithi lokhu kumayelana nodaba lwaseVrede Farm okwakumele lisize ekufukuleni abalimi abamnyama, kepha imali yagcina yehla ngemilenze yabathile.

Lo mndeni ohlezi usematheni, usubandakanyeke kwezinye izinsolo zenkohlakalo.

OLUNYE UDABA:OKlebe bagasele emzini wakwaGupta

AbakwaGupta kusolwa ukuthi basondelene kakhulu noMengameli Jacob Zuma kanti futhi banomthelela ezinqumweni ezinkulu azithathayo.

Kulokhu, lo mdeni usolwa ngokweba izigidi zamarandi kwi-Estina Dairy Project, okwakuyimali eyayizonikwa abalimi abamnyama eyagcina isetshenziswe emshadweni womndeni, nawo owaqubula umsindo.

Imigwaqo ekule ndawo ivaliwe.

 - Tiwtter:

 - eNCA

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 19-25°C Heavy rain. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-30°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-27°C Widely scattered tstorms. More clouds than sun. Warm. PE: 20-22°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...