Sekuboshwe 5 weziboshwa ezingu-20 ezeqile

2017-08-24 11:00

Johannesburg – Amaphoyisa aseGauteng athi asebophe iziboshwa ezinhlanu kwezingu-20 ezeqe ngemuva kokuhlaselwa kwemoto ebizihambisa ejele.

ULieutenant-Colonel Lungelo Dlamini ngoLwesine uthe iziboshwa zibanjwe ngoLwesithathu ezindaweni ezahlukene eGauteng.

Amaphoyisa akwazile akubopha uSimthembile Moni, uVincent Monwabisi Vandala, uRushden Katz, uSabelo Mbanjwa noKingley Jooste.

Amaphoyisa asathungatha ezinye iziboshwa ezingu-15 ezingakatholakali.

OLUNYE UDABA: Kulindeleke avele enkantolo omunye wabasolwa ngokudla abantu

Iziboshwa beziyiswa ejele elaziwa ngeSun City, eningizimu yeGoli, ngemuva kokuvela enkantolo ngoLwesibili ntambama.

Imoto ebezihamba ngayo ihlaselwe ngabesilisa ebebehlomile kuPat Mbatha Road ngasesiteshini sesitimela eSouthgate.

Esinye seziboshwa besesigwetshwe iminyaka engu-17 sibhadla ejele ngemuva kokulahlwa yicala lokuphanga kuhlonyiwe.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showery. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 4-17°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 14-18°C Showery. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...