Sekuboshwe 4 ngezinsolo zokubulala isalukazi besisola ngokuthakatha

2017-04-07 11:00

Pietermaritzburg - Kuboshwe abantu abane abasolwa ngokushaya babulale isalukazi saseCopesville bashisa nomuzi waso ngeSonto esubuku ngngezinsolo zokuthakatha.

U-Adelina Khumalo, 75, nomyeni wakhe, uManantshi Khumalo bahlaselwe wumphakathi ngoba besolwa ngokuthakatha. UManantshi ulimale kanzima kulesi sigameko.

OLUNYE UDABA:Kuhlaselwe uthishanhloko osolwa ngokuthakatha othisha eThekwini

Okhulumela amaphoyisa aseMountain Rise uCaptain Gay Ebrahims uqinisekise ukuboshwa kwabasolwa abane kulandela isigameko sokubulawa kukaKhumalo.

U-Ebrahims uthe balandele yonke imikhondo nobufakazi ngoLwesine ekuseni kwase kuboshwa abasolwa abangu-4."

Ngokuthola kwe-KZNEYETHU kuzwakale ukuthi udaba lokuthi umufi uyathakatha lasatshalaliswa yinyanga eyayiqashe kuwo lo muzi, uSimon Mothae, 28, owathola isitaputapu sokufaka amawindi - uphathi - simise okwesandla yabe isigijima iyokwazisa umphakathi ukuthi umufi uyathakatha.

Ngokuhlola kwamaphoyisa kube sekutholakala ukuthi lokhu obekuthiwa yisandla somuntu, kahle kahle uphathi oxutshwe nomuthi osetshenziswa yile nyanga ukwelapha abantu.

Abasolwa kulindeleke ukuba bavele eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu maduze ngecala lokubulala, ukuzama ukubulala nelokushisa.

- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho                                

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-19°C Sunny. Mild. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 12-28°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool. PE: 13-16°C Mostly sunny. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...