Sekubanjwe iziboshwa ezintathu kweziyisithupha ezeqe ejele

2018-03-12 18:00

Johannesburg - Sekubanjwe iziboshwa ezintathu kweziyisithupha ezeqe ejele iMedium B ePollsmoor ngeSonto.

Okhulumela umyango wezokuHlunyeleliswa kweziMilo uSingabakho Nxumalo uthe isiboshwa esisodwa sibanjwe e-scrapyard eBlackheath, kanti ezinye ezimbili zibanjwe e-Oceanview.

Lezi ziboshwa ezintathu ezibanjiwe zingo-Gershwin Mol, Courtney None no-Emile Witbooi.

NgoMsombuluko ekuseni lo mnyango ukhiphe isitatimende mayelana nokweqa kwalezi ziboshwa.

Lezi ziboshwa zeqa kuleli jele oor Medium B eWestern Cape ngeSonto ebusuku, kusho uMnyango wokuHlunyeleliswa Kwezimilo.

"Kukholakala ukuthi laba abeqile bakhiphe izinsimbi zama-burglar ezitokisi ngokusebenzisa insimbi abayikhiphe embhedeni,"kusho uSimphiwe Xako ngesitatumende.

UXako uthi oyedwa weziboshwa ezeqile udonsa iminyaka engu-12 ngecala lokuzama ukubulala kanti laba abanye bebeboshelwe amacala amancala.

OLUNYE UDABA:Kuthungathwa abasolwa ngokubulala owe-ANC namalungu amabili omphakathi

Zonke lezi ziboshwa zisagcwele amathafa kanti amalungu ethimba lezimo eziphuthumayo kuleli jele asebenzisana namaphoyisa ukuzithungatha.

Lo mnyango uthi isiqalile inqubo yangaphakathi yokuqondiswa kwezigwegwe mayelana nalesi sehlakalo.

UXako unxusa umphakathi ukuba ungazami ukuzibambela laba basolwa kodwa ubikele amaphoyisa uma kukhona okusolisayo.

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Showers late. Partly cloudy. Mild. Pta: 10-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 7-21°C Sunny. Mild. Bloem: 4-20°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-25°C Morning clouds. Mild. PE: 13-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...